Yingani sizinikela esikweni lokunikeza usizo olungungqaphambili?
ukwaneliseka umuntu akuthola uma eqathanisa ukusebenza noma ukusebenziseka kwaleyonto ayitholile kanye nalokho abekulindele.
Ukunikeza usizo olungungqaphambili ezingeni lomhlaba ukwandisa izinga losizo esilinikeza amakhasimede ethu ngokuguqula ukugxila komngqondo wabasebenzi bethu kusuka kuleyo ngqondo yesikhashana ngokwemvelo siyiguqulele kuleyo yokuzinza kumakhasimede - ngokwenza njalo siyohlangabezana futhi sengeze kulokho obekulindelwe ngamakhasimede kulelibhange nosizo lwalo.
Usizo olungungqaphambili yilona esiluzabalazela sonke isikhathi, ngoba phela siyazi ukuthi wena ulindele usizo olungungqaphambili kuleli bhange lezoMhlaba. Uma ngabe usizo oluthole namhlanje lukuthokozisile, siyakucela ukuthi uxoxele umngani wakho. Uma ngabe ungathokozanga yazisa uMqondisi walelogatsha.
Sekuye kwanda ukubaluleka kokugxila ekugcineni amakhasimede. Ibhange lezoMhlaba liyokwazi ukugcina amakhasimede alo kuphela uma lenza ngcono ekuhlangabezeni nasekwaneliseni izidingo zamakhasimede.
Esikhathini esedlule iBhange lezoMhlaba belingungqoshishilizi, futhi bekungadingeki ukuba lenze imizamo eyisimpesheli ukuze ligcine amakhasimede. Manje, Ibhange lezoMhlaba selincintisana ngamakhasimede namanye amabhange ahwebayo. Labantu manje sebengazikhethela ukuthi bafuna yiphi impahla noma luphi usizo. Amakhasimede amanje asefundile futhi awacengi. Izinga lokulindelwe yilabantu selikhuphukile ngenxa yempahla nosizo oluphambili olutholakalayo. Uma ngabe iBhange lezoMhlaba lizimisele ukugcina amakhasimede alo khanye nesikhundla salo emkhakheni wezezimali, kudingeka imicabango noma imiqondo emisha, ngoba kuyonqoba izinkampani ezibeka phambili (ezizinze)amakhasimede azo, lezo ezinika amakhasimede eziwaqondile usizo olusezingeni eliphezulu. Umsebenzi wokugcina amakhasimede akusiwona umsebenzi woMnyango wezokuKhangisa nesokuThengisa kuphela. Lomnyango wezokuKhangisa ungaba nempumelelo kuphela uma ezinkampanini ezineMinyango nabasebenzi ababumbene ndawonye ngempumelelo ukuze bahlele futhi basebenzise izinhlelo zokuncintisana okusezingeni eliphezulu nosizo olunentengo kumakhasimede.
Lokho okungakaleki noma ongabonakali umphumela wakho kungeze kwalawuleka. Ukuze siklomelise abasebenzi bethu ngokusebenza ngokwemigomo ebekiwe, kufanele sikwazi ukukala usizo nezinga.
Sinxusa bonke abasebenzi ukuba babambe iqhaza kuloluhlelo. Ukubamba kwenu iqhaza kuleMigomo yokuZiphatha kubaluleke kakhulu ekuphumeleliseni iBhange lezoMhlaba.
Luyini usizo Olungungqaphambili?
Kusho ukwenza konke okusemandleni akho nangaphezulu ukuxazulula inkinga yekhasimede. Kumbandakanya ukwenza "okungaphezu kokulindelekile". Ukwenza okungaphezulu kwalokho okushiwo encwadini yohla lomsebenzi wakho (job description), okungaphezulu okungenzeka ukuthi abanye abakwezi. Konke kuyoya NGOBUWENA. Ukuhlala ulindele okuhle, ulangazelela ukusebenza, ushisekele/unoqgozi futhi unamandla. Ukwenza okuhle kakhulu ngaso sonke isikhathi. Kumayelana nokuthanda umsebenzi wakho, nokuziqayisa ngalokho okwenzayo. Kumayelana nokuziqhenya ngokusebenzela iBhange lezoMhlaba.
Yini uHlelo loSizo lweBhange LezoMhlaba?
Loluhlelo luqukethe ukuthi singaluletha kanjani noku silunikezeleni usizo oluvelele kubantu bethu. Ngokulandela lezinkomba uyokwakha ulwazi (experience) olujabulisayo noluyothokozelwa ngabanye abasebenzi kanye namakhasemede ngokufanayo.
Lomfanekiso wohlelo loSizo yiwona mqulu wakho osokusiza ekunikeni usizo kubantu "abaphambi kwakho". Enye yezinjongo ezihleliwe zebhange lezoMhlaba ukuthinta ngokunempumelelo izinga lempilo lawo wonke umuntu. Wena, njengenxusa lebhange usethubeni elihle lokuba ingxenye yokushintsha ikusasa labantu! Uyingxenye yokufezekisa amakhono abantu ngokubanikeza izimali abangazisebenzisa ukufeza amaphupho abo. Asigxilile kuphela ekuthuthukiseni abantu abangaphandle kwebhange kuphela kodwa nasekuthuthukiseni abasebenzi bethu futhi. LoMfanekiso wohlelo luzokusiza nawe ukuba uthuthuke ube ngumuntu onakekela abanye abantu nonakekela usizo alunikezayo.
Sifisa ukukhuthaza bonke abasebenzi beBhange lezoMhlaba ukuba benze noma basebenze ngokulandela lamaphuzu abalwe lapha ngezansi: Asigqugquzelane sikhuthazane zonke isinsuku, ayi kuphela ukuba senze okuhle ngamakhono ethu, kepha sisabalalise injabulo ekubhekaneni nomsebenzi nezimpilo zethu!
Amukela ngokushesha amakhasimede ngokuwabheke emehlweni umoyizele. Uma ungeke ukwazi ukusiza ikhasimede ngokushesha, lazise ukuthi uzolisiza ngokushesha.
Abingelele wonke amakhasimede asendaweni yokulinda, noma ngabe azosizwa nguwena noma engezukusizwa nguwena, abuze ukuthi aselutholile yini usizo nokuthi ungawasiza ngani. Uma ngabe usukulungele ukusiza ikhasimede, moyizela, libingelele, "sawubona", xolisa ngokulilindisa bese uyalazisa ukuthi wena ungubani, linike igama, isibonelo, "Sawubona , ngiyaxolisa ukukulindisa. Mina ngingu-Jane (noma uNksz Smith), ngingakusiza kanjani namhlanje" Nomzimba wakho mawukhombise ukuzithoba kanye nezwi lakho?
thola ukuthi ikhasimede lingubani lona bese usebenzisa igama lalo njalo uma niqubeka nengxoxo. Qiniseka ukuthi ulibiza kahle igama.
Mjwayenze umuntu ngokuba nengxoxwana emfushane naye uma kwenzeka. usuku oluhle, namhlanje, akunjalo?
Yiba nobungane, ungabandlululi, yiba ngolindele okuhle ube nobuntu.
Khombisa ukwenza umsebenzi ngobungoti futhi uhlale ulindele okuhle ngaso sonke isikhathi.
Ungavumeli amakhasimede ezwe ingxoxo yenu yangasese, noma ngabe nixoxa ngocingo noma ingxoxo phakathi kwabasebenzi ababili. Yenza ngokubona kwakho. Ungaphenduli umakhalekhukhwini wakho ungacelanga uxolo kuqala ekhasimedeni futhi uxolise uma uqeda ukukhuluma ngomakhalekhukhwini.
Lazise ikhasimede ulitshele ukuthi uyaphi uma usuka lapho usebenzela khona.
Lalelisisa ngokuqaphela futhi uqiniseke ukuthi ubuza yonke imibuzo ezoholelela ekutholeni lonke ulwazi olufanele. Qiniseka ukuthi ukuzwa kahle konke akushoyo ngisho ngabe lokhu kusho ukuthola umuntu ozokutolikela. Qiniseka ukuthi uyaluzwa undaba olethulwe kuwe ngaphambi kokuba uzame ukuluxazulula.
Baphathe ngenhlonipho enkulu bonke abantu ungabheki ukuthi banjani. Bonke abantu bathathe njengabalethe iGolide.
Zinike isikhathi sokuchazela lowo muntu omsizayo ukuthi yingani isicelo sakhe sokubolekwa imali sachithwa.
Uma ngabe lowo omsizayo engeke akwazi ukunikwa imalimboleko ngokweBhulonzi, iSiliva noma iGolide, yedlulisela lowo muntu kolunye uhlobo lwemalimboleko olungaphansi (ibhulonzi ezomnikwa isinyathelo sokuqala). Zinike isikhathi uzame ukuniza lowo muntu usizo olufanele kanye nocayi ngokwezimali (risk classification) okuzohambisana nezidingo zakhe.
Ungagxeki amaphutha uthi enziwe yibhange lakwenye indawo noma yibhange eliyinhloko. Inkinga yenze ibe ngeyakho futhi ungaliboleka imali okwesikhashana ikhasimede uma isimo sivuma.
Ngwema ukwenza umsebenzi ongaphathelene nokusiza abantu uma bephambi kwakho bekubona.
Phetha inkulumo yakho nekhasimede ngokulibonga ulibize ngegama bese uvalelisa ngokuthi "ube nosuku olumnandi".
Tshela umamukeli wezicingo uma ungenasi isikhathi sokuthatha izicingo ngalolosuku.
Ungakhiphi ucingo lapho luxhunywe khona noma uluyeke lukhale lungaphendulwa.
Xolisa kulowo muntu uma ucingo luke lwakhala isikhathi eside ungakaluphenduli.
Umamukeli wezicingo iBhange LezoMhlaba "Igatsha", Sawubona, Ngingakusiza kanjani." ungakhetha ulimi ofuna ukukhuluma ngalo.
Sawubona, Ngusibanibani okhulumayo, Ngingakusiza kanjani ungazikhethela ukuthi ukhuluma ngaluphi ulimi.
Thola ukuthi lomuntu omsizayo yena ungubani bese uyalisebenzisa njalo engxoxweni yenu igama lakhe. Qiniseka ukuthi ulibiza kahle igama lakhe.
Qiniseka ukuthi ubhale ngokuyikho imininingane yomyalezo.
Dlulisa imiyalezo ingakapheli imizuzu engamashimi amathathu uwutholile lokhu kumbandakanya nonothisi ebhaliwe yabekwa lapho kusebenzela khona omunye.
Yenza izithembiso ezizofezeka uma kunenkinga engeke yaxazululeka ngokushesha. Sebenzisa ulwazi lwakho lokwazi ukuthi inqubo ihamba kanjani uma umisa/ uhlela usuku lokuvala (closure dates). Uma kunesimo esiphuthumayo, phuthumisa undaba ngokuludlulisa kuMqondisi walelogatsha.
Yonke imibuzo nezikhalo kwenze kube noma kuthathe njengokwakho kuze kube kuyaxazululeka. Ungalingi udlulisele kwelinye igatsha ikhasimede ngaphandle uma kudingekile ngempela.
Xazulula izikhalo ngokushesha bese ushayela lowo muntu ucingo umazise ukuthi undaba lwakhe luhamba kanjani.
Bazise abantu obasizayo njalo ukuthi izindaba zabo zikuliphi izinga.
Uma usuqedile ukuxazulula inkinga, ungambuza umuntu ukuthi kukhona okunye engakusiza ngakho, namhlanje?
Thulula ibhokisi leMibono njalo ngesonto.
uMqondisi walelo-Gatsha kufanele abhekisise imibono ngaphambi kokuyithumela eHovisi eliyiNhloko ukuze iyocutshungulwa.
Kufanele ube sewukulungile ukusiza abantu ngesikhathi sokuvula.
Ungashushi abantu uma sekuyisikhathi sokuvala futhi abasebenzi kufanele bazimisele ukusiza abantu noma sekushaye isikhathi sokuvala.
Abantu kufanele bamukelwe basizwe ingakapheli imizuzu eyi-15 bengenile eBhange.
Makube nokuqeqeshwa kozakwenu njalo ngosuku okufanele kumbanbakanye imizuzu eyishumi yoqeqesho oluphathelene nenkulumo yokunika usizo (okufanele yenziwe nguMqondisi weGatsha) futhi kufanele loluqeqesho lwenziwe lingavuli leloGatsha..
Isikhathi esingathathwa ukuphendula umuntu obuze okuthile/ noma ofake isikhalazo.
Ulwazi lomsebenzi ukushesha nokwenza okuyikho.
ukwenza ngaphezu kwalokho okulindelekile.
Yazisa umuntu omsizayo ngomgudu noma isimo sesicelo sakhe njalo ngosuku noma ngesonto.
Bashayele ucingo abantu obasizayo ungababhaleli izincwadi.
Qaphela ukuthi ulimi ulusebenzise kahle nokuthi amagama uwabhale kahle futhi umbhalo wonke kufanele ungabi nelilodwa nje iphutha.
Akufanele kuthunyelwe kumuntu osizwayo umbhalo obhalwe ngesandla.
Bhekisisa ukuthi imininingwane esekupheleni kwephepha ilungile yini nokuthi iyahambisana nosimo sangaleso sikhathi.
Ungasebenzisi izinto sokubhala ezindala, amaphepha anophawu lwebhange, izimvilophi nokunye.
Uyanxuswa ukuba ungalingi uthinte noma uphazamise amathemplethi enkampami futhi kufanele usebenzise uhlobo lokubhala olubizwa nge Gill Sans kuyo yonke imibhalo.
Landelisisa uma kukhona owesule noma okhansele imalimboleko yakhe noma wakhokha imalimboleko wayiqeda.
Umsebenzi owayenza isicelo semalimboleko salowomuntu (uma ekhona) kufanele amvakashele lowo muntu ukuze athole izizathu zokuthi yingani ekhokhe yonke imalimboleko bese emkhuthaza ukuthi abuye futhi azothola usizo.
Lelo nalelo Gatsha kufanele likhombise izimpawu zenkampani ezimvunyiwe ngaphakathi nangaphandle.
Izikhathi zokusebenza nazo kufanele zikhonjiswe ngokuchachile.
Wonke izimpawu esinanyatheliswayo kufanele zibe sesimweni esihle. Izimpawu ezibhalwe ngekhompuyutha nalezo ezibhalwe emaphepheni ngesandla ezinanyathiselwe ezivalweni nasezidongeni kufanele zisuswe kufakwe lezo ezibhalwe kahle zasayidwa.
Ngeze kwasentshenziswe isaluthephu ukunamathelisa izimpawu noma izithombe.
Zonke izimpawu zangaphakathi kufanele zihlanzeke zibe semweni esisebenzayo.
Iziqhano ezinamagama kufanele zigqokwe ngaso sonke isikhathi.
Ukubhema, ukudla noma ukuphuza ngeze kwenziwa phambi komuntu osizwayo kulo lonke iGatsha.
Uyanxuswa ukuba ukuba uqiniseke ukuthi isithunzi segatsha sigcinekile uma kudingeka lungisa noma ushintshe impahla nezinto eziphukile noma ezingasasebenzi ngokuyikho.
Izidonga zezindlu eGatsheni kufanele zihlanzeke zingabi nabala.
Amakhethini noma iziviko kufanele kuhlanzeke, kungabe ngokuphukile futhi kubukeke kunobunono.
Izitshalo kufanele zihlanzeke. Izitshalombumbulu zingeze zabekwa lapho kusizwa khona abantu.
kufanele kube nezitsha zokufaka umlotha kagwayi ezanele kuyo yonke indawo.
Isaziso zabasebenzi zingabekwa endaweni lapho kusizwa khona abantu.
Izindawo zabasebenzi kufanele zihlanzeke futhi zibukeke ngaso sonke isikhathi.
Wonke umsebenzi walelo Gatsha kufanele akugcine kunembeza wakhe ukubukeka kweGatsha futhi asize ukugcina ukubukeka kobungoti ngaso sonke isikhathi. Bonke Abasebenzi bagqoke izimpahla zokusebenza ezamukelekile.
Izincwanjana ezichaza ngenkampani kufanele zibekwe kahle ngobunono ezindaweni lapho kusizwa khona abantu.
Njengoba sikholelwa ukuthi ukunakekela amakhasemede kubalulekile ekuphumeleliseni ibhange, lomfanekiso owakhiwe lapha kufanele usentshenziswe ngaso sonke isikhathi.
Bonke abasebenzi abasiza abantu kufanele bathole uqeqesho lwaloMfanekiso woSizo oluvelele oselutholwe ngabanye abaqeqeshi abangozakwabo. OShampiyoni bendawo yibona abazohola loMfanekiso. Lokhu kuyoqinisekisa ukuthi siyazifeza izinjongo zethu ngosizo.
Uma ngabe ungenasiqiniseko sokuthi ngobani amaShampiyoni okuSiza Abantu eGatsheni lakho, xhumana nathi.
Uyanxuswa ukuba ukhululeke ukuxhuma neMnyango wezokuKhangisa nokuThengisa uma unemibuzo ngalokhu okushiwo ngenhla.
